Igama lesayensi likaMsenge ngu-Cussonia spicata, esaziwa ngesiNgisi ngokuthi i-"cabbage tree". Lesihlahla singowomndeni wezitshalo i-Araliaceae. Simila kabanzi kusukela eNingizimu Afrika kuya enyakatho kuze kufike eSouth Sudan.
Uyangena emithini yokuxabanisa izitha, umsenge uyangena kwidliso lokudla. Umsebenge uyangena emithini yokukhipha isinyama, amathunzi, nokucacisa amaphupho. Ulapha futhi isifo sokuwa. Umsenge ungena emthini wokuphehla izulu lasemfuleni, uyakwazi ukwakha umuthi wemvula. Umsenge ujwayele ukuhlala amacimbi. Isisho esithi "Goba msenge udliwe zimbuzi" sichaza lapho umuntu osuke ephelwe wushatini bese abantu bathatha advantage kuyena.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |